6. Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera* kwaJuda.
7. Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda,
8. zinamaLevi oShemaya, noNethaniya, noZebadiya, no-Asaheli, noShemiramoti, noJehonathani, no-Adoniya, noThobiya, noThobi Adoniya, amaLevi, beno-Elishama noJehoramu, abapristi.
9. Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu.
10. Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati.
11. AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.
12. UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda.
13. Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema.