13. Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema.
14. Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise: kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu;
15. emva kwakhe kwakunguJehohanani induna, enezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalombili;
16. emva kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaZikiri, owazinikela ngenhliziyo kuJehova, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;
17. kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;
18. emva kwakhe kwakunguJehozabadi, enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
19. Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.