2 Izikronike 17:13-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema.

14. Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise: kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu;

15. emva kwakhe kwakunguJehohanani induna, enezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalombili;

16. emva kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaZikiri, owazinikela ngenhliziyo kuJehova, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;

17. kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili;

18. emva kwakhe kwakunguJehozabadi, enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.

19. Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.

2 Izikronike 17