1. UJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe, waziqinisa ukulwa no-Israyeli.
2. Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wabeka amakhanda ezweni lakwaJuda, nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo.
3. UJehova wayenaye uJehoshafati, ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali,
4. kepha wafuna uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungengakwenza kuka-Israyeli.