2 Izikronike 16:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

2. U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJehova nasendlini yenkosi, wathumela kuBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu owahlala eDamaseku, wathi:

3. “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”

4. UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli; zanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali.

5. Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wamisa umsebenzi wakhe.

6. Kepha u-Asa inkosi wahamba naye wonke uJuda; basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayelakhe ngakho; wakha ngakho iGeba neMispa.

7. Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho.

8. AmaKushe namaLubi ayengesiyo impi enkulu yini, inezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokwencika kwakho kuJehova wawanikela esandleni sakho.

9. Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”

2 Izikronike 16