Wamsusa uMahakha unina ka-Asa inkosi ebukhosikazini, ngokuba wayemenzele u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.