2 Izikronike 15:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UMoya kaNkulunkulu waba phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi;

2. waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.

3. Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho;

4. kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo.

2 Izikronike 15