2 Izikronike 14:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Abiya wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe: emihleni yakhe izwe lazola iminyaka eyishumi.

2. U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.

3. Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,*

4. wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise, awenze umthetho nemiyalo.

5. Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo, nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe.

6. Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lazola, engenampi kuleyo minyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile.

7. Wathi kuJuda: “Masakhe le mizi, siyihaqe ngogange, nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu, ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke.” Base bakha-ke, baphumelela.

8. U-Asa wayenempi ephethe izihlangu nemikhonto, evela kwaJuda, iyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nevela kwaBenjamini, ephethe amahawu nensala iminsalo, iyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe anamandla.

9. Kwaphuma ukulwa nabo uZera umKushe enempi eyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinqola ezingamakhulu amathathu, wafika eMaresha.

10. U-Asa wayesephuma ukuhlangabezana naye, bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha.

11. U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”

12. UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.

2 Izikronike 14