4. U-Abiya wema entabeni yaseSemarayimi esezintabeni zakwa-Efrayimi, wathi: “Ngizweni wena Jerobowamu no-Israyeli wonke:
5. Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na?
6. Nokho uJerobowamu indodana kaNebati, inceku kaSolomoni indodana kaDavide, wavuka, wahlubuka inkosi yakhe.