2 Izikronike 13:4-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. U-Abiya wema entabeni yaseSemarayimi esezintabeni zakwa-Efrayimi, wathi: “Ngizweni wena Jerobowamu no-Israyeli wonke:

5. Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na?

6. Nokho uJerobowamu indodana kaNebati, inceku kaSolomoni indodana kaDavide, wavuka, wahlubuka inkosi yakhe.

2 Izikronike 13