2 Izikronike 13:12-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”

13. Kepha uJerobowamu wayegwegwesisile abaqamekeli ukuba bafike emuva; babe phambi kukaJuda, abaqamekeli babe semva kwabo.

14. Lapho uJuda esephenduka, bheka, impi yayingaphambili nangasemva kwabo; bakhala kuJehova, abapristi bakhalisa amacilongo.

15. Base bekhamuluka abantu bakwaJuda, nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda.

16. Abantwana bakwa-Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo.

17. U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.

18. Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula, ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.

19. U-Abiya wamxosha uJerobowamu, wamaphuca imizi: iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo.

20. Futhi uJerobowamu akabe esaba namandla emihleni ka-Abiya; uJehova wamshaya, wafa.

21. Kepha u-Abiya waba namandla, wazithathela abafazi abayishumi nane, wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.

22. Ezinye izindaba zika-Abiya, nezindlela zakhe, namazwi akhe, kulotshiwe esichasiselweni somprofethi u-Ido.

2 Izikronike 13