9. ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka,
10. neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini, imizi ebiyelweyo.
11. Waziqinisa izinqaba, wabeka izinduna kuzo, nokudla, namafutha, newayini.
12. Emizini yonke, yileyo naleyo, wabeka izihlangu nemikhonto, wayiqinisa kakhulu impela. ElakwaJuda nelakwaBenjamini lalingelakhe.
13. Abapristi namaLevi ayekwa-Israyeli wonke bazihlanganisa naye bephuma emikhawulweni yonke.
14. Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo, aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,
15. wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.