22. URehobowamu wabeka u-Abiya, indodana kaMahakha, abe yinhloko, abe ngumbusi phakathi kwabafowabo, ngokuba wacabanga ukumbeka inkosi.
23. Wenza ngokuhlakanipha, wahlakaza onke amadodana akhe emazweni onke akwaJuda noBenjamini, emizini yonke ebiyelweyo, wawanika ukudla okuningi, wawafunela abafazi abaningi.