2 Izikronike 11:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.

16. Emva kwabo kwaphuma ezizweni zonke zakwa-Israyeli abanhliziyo zabo zibhekiswe ukufuna uJehova uNkulunkulu wakwa-Israyeli, bafika eJerusalema ukuhlabela uJehova uNkulunkulu wawoyise.

17. Base bewuqinisa-ke umbuso wakwaJuda, benza uRehobowamu indodana kaSolomoni waba namandla iminyaka emithathu, ngokuba bahamba iminyaka emithathu endleleni kaDavide noSolomoni.

18. URehobowamu wazithathela umfazi, uMahalati, indodakazi kaJerimoti indodana kaDavide neka-Abihayili, indodakazi ka-Eliyabe, indodana kaJese.

2 Izikronike 11