1. URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha indlu yakwaJuda noBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihiyagalombili, amabutho, ukuba balwe no-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu.
2. Lase lifika izwi likaJehova kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi:
3. “Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni, inkosi yakwaJuda, nakuye wonke u-Israyeli kwaJuda noBenjamini, ngokuthi:
4. ‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu.
5. URehobowamu wahlala eJerusalema, wakha imizi ukuba ibe yizinqaba kwaJuda.
6. Wakha iBetlehema, ne-Etamu, neThekhowa,
7. neBeti Suri, neSoko, ne-Adulamu,
8. neGati, neMaresha, neZifi,
9. ne-Adorayimi, neLakishi, ne-Azeka,