2 Izikronike 10:8-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe.

9. Wathi kuzo: “Nina niluleka ukuba sibuyise mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula,’ na?”

10. Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kubantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakusho kubo kanje ukuthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.

11. Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.’ ”

12. UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.”

13. Inkosi yabaphendula kalukhuni; inkosi uRehobowamu yalahla isiluleko samalunga,

14. yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela kulo; ubaba wanishaya ngesiswebhu, mina ngawofezela.”

2 Izikronike 10