5. Futhi i-altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka-Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele* likaJehova; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo.
6. USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e-altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana, wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo.
7. Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni, wathi kuye: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”
8. Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu: “Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe.
9. Ngalokho, Jehova Nkulunkulu, maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba, ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi.
10. Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume, ngingene phambi kwalabo bantu, ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na?”