USolomoni wakhuluma kuye wonke u-Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa-Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.