2 Amakhosi 9:7-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Uyakuchitha indlu ka-Ahabi inkosi yakho ukuba ngiphindisele igazi lezinceku zami abaprofethi negazi lezinceku zonke zikaJehova esandleni sika-Izebeli.

8. Yonke indlu ka-Ahabi iyakubhubha; ngiyakunquma ku-Ahabi wonke umlisa, omncane nomkhulu.

9. Ngiyakwenza indlu ka-Ahabi ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati nanjengendlu kaBahasha indodana ka-Ahiya.

10. Izinja ziyakumudla u-Izebeli esiqeshini sezwe laseJizreyeli; akuyikubakho muntu wokummbela.’ ” Yayisivula umnyango, yabaleka.

11. UJehu waphumela ezincekwini zenkosi yakhe; enye yathi kuye: “Konke kusalungile na? Luzeleni lolo hlanya kuwe na?”Wathi kuzo: “Nina niyamazi lowo muntu nakukhulumileyo.”

12. Kepha zathi: “Amanga; ake usitshele.”Wayesethi: “Wakhuluma kimi ukuthi nokuthi, ethi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Sengikugcobile ube yinkosi kwa-Israyeli.’ ”

13. Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: “UJehu uyinkosi.”

14. UJehu, indodana kaJehoshafati, kaNimishi, wamenzela ugobe uJoramu -- uJoramu wayelinda eRamoti Gileyadi, yena naye wonke u-Israyeli ngenxa kaHazayeli, inkosi yase-Aramu;

15. kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama-Aramu ekulweni kwayo noHazayeli, inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: “Uma kungumqondo wenu lokhu, makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.”

16. UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.

2 Amakhosi 9