2 Amakhosi 9:31-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. UJehu esengena esangweni wathi: “Kusahleziwe kahle wena Zimri, mbulali wenkosi yakho, na?”

32. Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni, wathi: “Ubani onami na? Ngubani?” Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.

33. Wathi: “Mphonseni phansi.” Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahhashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe.

34. Wangena, wadla, waphuza; wayesethi: “Mbhekeni lo mqalekiswakazi, nimmbele, ngokuba uyindodakazi yenkosi.”

35. Baya ukummbela, kepha abafumananga lutho kuye, kuphela inhloko, nezinyawo, nezintende zezandla.

36. Babuya, bamtshela. Wathi: “Nanti izwi likaJehova owalikhuluma ngesandla senceku yakhe u-Eliya waseThishibi, ethi: Esiqeshini sezwe laseJizreyeli izinja ziyakuyidla inyama ka-Izebeli;

37. isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: ‘Nangu u-Izebeli.’ ”

2 Amakhosi 9