2 Amakhosi 9:28-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Izinceku zakhe zamyisa ngenqola eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe kanye nawoyise emzini kaDavide.

29. Ngomnyaka weshumi nanye kaJoramu indodana ka-Ahabi u-Ahaziya waba yinkosi kwaJuda.

30. UJehu esefikile eJizreyeli, u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe, wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.

31. UJehu esengena esangweni wathi: “Kusahleziwe kahle wena Zimri, mbulali wenkosi yakho, na?”

32. Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni, wathi: “Ubani onami na? Ngubani?” Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.

33. Wathi: “Mphonseni phansi.” Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahhashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe.

34. Wangena, wadla, waphuza; wayesethi: “Mbhekeni lo mqalekiswakazi, nimmbele, ngokuba uyindodakazi yenkosi.”

35. Baya ukummbela, kepha abafumananga lutho kuye, kuphela inhloko, nezinyawo, nezintende zezandla.

2 Amakhosi 9