2 Amakhosi 9:21-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Wayesethi uJoramu: “Bophela.” Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no-Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma, kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe, baphuma ukumhlangabeza uJehu, bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli.

22. Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu, na?”Wathi: “Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u-Izebeli, na?”

23. UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi ku-Ahaziya: “Ngugobe, Ahaziya!”

24. UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke, wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe, umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.

25. Wayesethi kuBidikari, induna yakhe: “Mthathe, umntshinge esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli, ngokuba khumbula ukuthi, lapho mina nawe sasigibela sobabili emva kuka-Ahabi uyise, uJehova wamthwesa lolu daba

26. lokuthi: ‘Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova.’ Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.”

27. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esebone lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela, wathi: “Mbulaleni naye enqoleni yakhe.” Benze njalo-ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu. Wabalekela eMegido, wafela khona.

28. Izinceku zakhe zamyisa ngenqola eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe kanye nawoyise emzini kaDavide.

29. Ngomnyaka weshumi nanye kaJoramu indodana ka-Ahabi u-Ahaziya waba yinkosi kwaJuda.

30. UJehu esefikile eJizreyeli, u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe, wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.

31. UJehu esengena esangweni wathi: “Kusahleziwe kahle wena Zimri, mbulali wenkosi yakho, na?”

32. Waphakamisela ubuso bakhe ngasefasiteleni, wathi: “Ubani onami na? Ngubani?” Kwase kulunguza kuye izinduna ezimbili noma ezintathu.

33. Wathi: “Mphonseni phansi.” Zamphonsa; igazi lakhe lasaphazeka odongeni nasemahhashini; wamnyathela phansi kwezinyawo zakhe.

34. Wangena, wadla, waphuza; wayesethi: “Mbhekeni lo mqalekiswakazi, nimmbele, ngokuba uyindodakazi yenkosi.”

35. Baya ukummbela, kepha abafumananga lutho kuye, kuphela inhloko, nezinyawo, nezintende zezandla.

36. Babuya, bamtshela. Wathi: “Nanti izwi likaJehova owalikhuluma ngesandla senceku yakhe u-Eliya waseThishibi, ethi: Esiqeshini sezwe laseJizreyeli izinja ziyakuyidla inyama ka-Izebeli;

37. isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: ‘Nangu u-Izebeli.’ ”

2 Amakhosi 9