2 Amakhosi 9:20-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Umlindi wabika wathi: “Sifikile kubo, kepha asibuyi; ukuqhuba kufana nokuqhuba kukaJehu indodana kaNimishi; ngokuba uqhuba kungathi uyahlanya.”

21. Wayesethi uJoramu: “Bophela.” Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no-Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma, kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe, baphuma ukumhlangabeza uJehu, bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli.

22. Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu, na?”Wathi: “Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u-Izebeli, na?”

23. UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi ku-Ahaziya: “Ngugobe, Ahaziya!”

24. UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke, wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe, umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.

25. Wayesethi kuBidikari, induna yakhe: “Mthathe, umntshinge esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli, ngokuba khumbula ukuthi, lapho mina nawe sasigibela sobabili emva kuka-Ahabi uyise, uJehova wamthwesa lolu daba

26. lokuthi: ‘Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova.’ Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.”

27. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, esebone lokho wabaleka ngendlela yendlu yasensimini. Kepha uJehu wamlandela, wathi: “Mbulaleni naye enqoleni yakhe.” Benze njalo-ke ngasemmangweni waseGuri ongaseJibileyamu. Wabalekela eMegido, wafela khona.

28. Izinceku zakhe zamyisa ngenqola eJerusalema, zammbela ethuneni lakhe kanye nawoyise emzini kaDavide.

2 Amakhosi 9