2 Amakhosi 9:14-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UJehu, indodana kaJehoshafati, kaNimishi, wamenzela ugobe uJoramu -- uJoramu wayelinda eRamoti Gileyadi, yena naye wonke u-Israyeli ngenxa kaHazayeli, inkosi yase-Aramu;

15. kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama-Aramu ekulweni kwayo noHazayeli, inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: “Uma kungumqondo wenu lokhu, makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.”

16. UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.

17. Umlindi owayemi embhoshongweni waseJizreyeli wabona iviyo likaJehu lisafika, wathi: “Ngibona iviyo.”UJoramu wathi: “Zithathele owehhashi umthume ukubahlangabeza ngokuthi: ‘Kusahleziwe kahle na?’ ”

18. Owehhashi wayesehamba ukumhlangabeza, wathi: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Kusahleziwe kahle na?’ ”UJehu wathi: “Unandabani nokuhlala kahle na? Buyela emva kwami.”Wayesebika umlindi, ethi: “Isithunywa safika kubo, kepha asibuyanga.”

19. Wayesethuma owehhashi wesibili owaya kubo, wathi: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Kusahleziwe kahle na?’ ”Wathi uJehu: “Unandabani nokuhlala kahle na? Buyela emva kwami.”

20. Umlindi wabika wathi: “Sifikile kubo, kepha asibuyi; ukuqhuba kufana nokuqhuba kukaJehu indodana kaNimishi; ngokuba uqhuba kungathi uyahlanya.”

21. Wayesethi uJoramu: “Bophela.” Babophela-ke inqola yakhe. UJoramu inkosi yakwa-Israyeli no-Ahaziya inkosi yakwaJuda baphuma, kwaba yilowo nalowo ngenqola yakhe, baphuma ukumhlangabeza uJehu, bamfumana esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli.

22. Kwathi uJoramu esembonile uJehu, wathi: “Kusahleziwe kahle, Jehu, na?”Wathi: “Ukuhlala kahle kuni, kuse kuningi ukufeba nokulumba kukanyoko u-Izebeli, na?”

23. UJoramu wayesephenduka wabaleka, wathi ku-Ahaziya: “Ngugobe, Ahaziya!”

24. UJehu wayesensala umnsalo ngamandla akhe onke, wamcibishela uJoramu phakathi kwamahlombe akhe, umcibisholo waphuma ngasenhliziyweni yakhe, wawela phansi enqoleni yakhe.

25. Wayesethi kuBidikari, induna yakhe: “Mthathe, umntshinge esiqeshini sezwe likaNaboti waseJizreyeli, ngokuba khumbula ukuthi, lapho mina nawe sasigibela sobabili emva kuka-Ahabi uyise, uJehova wamthwesa lolu daba

26. lokuthi: ‘Impela ngibone izolo igazi likaNaboti negazi lamadodana akhe, usho uJehova; ngiyakukuphindisela kulesi siqephu, usho uJehova.’ Ngalokho mthathe, umntshinge kulesi siqephu njengezwi likaJehova.”

2 Amakhosi 9