2 Amakhosi 9:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kepha zathi: “Amanga; ake usitshele.”Wayesethi: “Wakhuluma kimi ukuthi nokuthi, ethi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Sengikugcobile ube yinkosi kwa-Israyeli.’ ”

13. Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: “UJehu uyinkosi.”

14. UJehu, indodana kaJehoshafati, kaNimishi, wamenzela ugobe uJoramu -- uJoramu wayelinda eRamoti Gileyadi, yena naye wonke u-Israyeli ngenxa kaHazayeli, inkosi yase-Aramu;

15. kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama-Aramu ekulweni kwayo noHazayeli, inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: “Uma kungumqondo wenu lokhu, makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.”

16. UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.

2 Amakhosi 9