24. UJoramu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahaziya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
25. Ngomnyaka weshumi nambili kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda waba yinkosi.
26. U-Ahaziya waba yinkosi eneminyaka engamashumi amabili nambili, wabusa umnyaka eJerusalema; igama likanina lalingu-Athaliya, indodakazi ka-Omri inkosi yakwa-Israyeli.
27. Wahamba ngendlela yendlu ka-Ahabi, wenza okubi emehlweni kaJehova njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba wayengumkhwenyana wendlu ka-Ahabi.
28. Wahamba noJoramu, indodana ka-Ahabi, ukuba alwe noHazayeli inkosi yase-Aramu eRamoti Gileyadi; ama-Aramu amlimaza uJoramu.
29. Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama-Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu, inkosi yakwaJuda, wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.