2 Amakhosi 8:13-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha uHazayeli wathi: “Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto enkulu na?”Wathi u-Elisha: “UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.”

14. Wayesesuka ku-Elisha, weza enkosini yakhe; yathi kuye: “Utheni kuwe na?” Wathi: “Uthe kimi uyakusinda nokusinda.”

15. Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo, wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo, yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo.

2 Amakhosi 8