2 Amakhosi 8:10-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. U-Elisha wathi kuye: “Hamba, uthi kuye: ‘Uyakusinda nokusinda,’ kodwa uJehova ungibonisile ukuthi ngempela uyakufa nokufa.”

11. U-Elisha wayesemgqolozela, UHazayeli waze waba namahloni. Wayeseqhumuka ekhala umuntu kaNkulunkulu.

12. UHazayeli wathi: “Inkosi yami ikhalelani na?”Yathi: “Ngokuba ngiyazi okubi oyakukwenza kubantwana bakwa-Israyeli; uyakuthungela izinqaba zabo ngomlilo, ubulale izinsizwa zabo ngenkemba, uphahlaze izingane zabo, uqaqe abesifazane babo abakhulelweyo.”

13. Kepha uHazayeli wathi: “Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto enkulu na?”Wathi u-Elisha: “UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.”

14. Wayesesuka ku-Elisha, weza enkosini yakhe; yathi kuye: “Utheni kuwe na?” Wathi: “Uthe kimi uyakusinda nokusinda.”

15. Kepha kwathi ngangomuso wathatha indwangu embozayo, wayicwilisa emanzini, wayimboza ubuso ngayo, yafa; uHazayeli waba yinkosi esikhundleni sayo.

16. Ngomnyaka wesihlanu kaJoramu indodana ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, uJehoshafati eyinkosi kwaJuda, uJehoramu, indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.

17. Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.

18. Wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli njengokwenza kwendlu ka-Ahabi, ngokuba indodakazi ka-Ahabi yayingumkakhe; wenza okubi emehlweni kaJehova.

19. Kepha uJehova akathandanga ukuchitha uJuda ngenxa kaDavide inceku yakhe njengokusho kwakhe kuye ukuthi uyakumnika yena nabantwana bakhe isibani izinsuku zonke.

2 Amakhosi 8