2 Amakhosi 8:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.”

2. Wasuka lowo wesifazane, wenza njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; wahamba nabendlu yakhe, wagogobala ezweni lamaFilisti iminyaka eyisikhombisa.

3. Kwathi ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa lowo wesifazane wabuya ezweni lamaFilisti; waphuma, wazikhalela enkosini ngendlu yakhe nangezwe lakhe.

4. Inkosi yayisilokhu ikhuluma noGehazi inceku yomuntu kaNkulunkulu ukuthi: “Ake ungilandise zonke izinto ezinkulu azenzileyo u-Elisha.”

2 Amakhosi 8