8. Inkosi yase-Aramu yayisilokhu ilwa no-Israyeli; yelulekana nezinceku zayo ngokuthi: “Ukumisa kwami kuyakuba sekuthinithini.”
9. Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo, ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.”
10. Inkosi yakwa-Israyeli yayisithuma umuntu kaNkulunkulu kuleyo ndawo ayishoyo, wayixwayisa ngayo, yaqaphela kungekanye, kungekabili kuphela.
11. Inhliziyo yenkosi yase-Aramu yayiphethwe yitwetwe ngale ndaba, yabiza izinceku zayo, yathi kuzo: “Ningengitshele yini ukuthi ngobani abakithi abavuma inkosi yakwa-Israyeli na?”
12. Enye yezinceku zayo yathi: “Hhayi, nkosi yami, nkosi, kodwa u-Elisha, umprofethi wakwa-Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa-Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.”
13. Yayisithi: “Hamba ubone ukuthi uphi ukuba ngithumele ngimlande.” Watshelwa ukuthi: “Bheka, useDothani.”
14. Wathuma khona amahhashi, nezinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bakaka umuzi nxazonke.
15. Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?”
16. Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”
17. U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.
18. Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.
19. Wayesethi u-Elisha kubo: “Le akusiyo indlela, nalona akusiwo umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo.” Wabayisa eSamariya.