2 Amakhosi 6:20-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Kwathi sebefike eSamariya, u-Elisha wathi: “Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone.” UJehova wavula amehlo abo, babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.

21. Inkosi yakwa-Israyeli yathi ku-Elisha, isibabonile: “Baba, ngibabulale na? Ngibabulale na?”

22. Kepha wathi: “Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.”

23. Yayisibalungisela idili, badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe, baya enkosini yabo. Amaviyo ama-Aramu awabe esaphinda ukungena ezweni lakwa-Israyeli.

24. Kwathi emva kwalokho uBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu, wabutha yonke impi yakhe, wenyuka, wavimbezela iSamariya.

25. Kwaba khona indlala enkulu eSamariya; bheka, balivimbezela kwaze kwathengiswa ngekhanda lembongolo ngezinhlamvu ezingamashumi ayisishiyagalombili zesiliva nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu eziyisihlanu zesiliva.

26. Kwathi inkosi yakwa-Israyeli idlula phezu kogange, kwamemeza kuyo owesifazane, wathi: “Siza, nkosi yami, nkosi.”

27. Kepha yathi: “Uma uJehova engakusizi, mina ngingatholaphi usizo na? Esibuyeni noma esikhamweni sewayini na?”

28. Yayisithi inkosi kuye: “Unani na?”Wathi: “Lo wesifazane wathi kimi: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle namuhla, sidle indodana yami kusasa.’

29. Sase siyipheka indodana yami, sayidla; ngase ngithi kuye ngosuku olulandelayo: ‘Letha indodana yakho ukuba siyidle;’ wayeseyifihlile indodana yakhe.”

2 Amakhosi 6