2 Amakhosi 6:14-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Wathuma khona amahhashi, nezinqola, nempi enkulu; bafika ebusuku, bakaka umuzi nxazonke.

15. Isikhonzi somuntu kaNkulunkulu sesivukile ekuseni, saphuma, bheka, impi enamahhashi nezinqola yayiwukakile umuzi. Yayisithi inceku kuye: “Maye, nkosi! Sesiyakwenze njani?”

16. Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”

17. U-Elisha wakhuleka, wathi: “Jehova, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” UJehova wavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo nxazonke zakhe u-Elisha.

18. Sebehlela kuye, u-Elisha wakhuleka kuJehova, wathi: “Mawushaye lesi sizwe ngobumpumputhe.” Wasishaya ngobumpumputhe njengezwi lika-Elisha.

19. Wayesethi u-Elisha kubo: “Le akusiyo indlela, nalona akusiwo umuzi; ngilandeleni, nginiyise kumuntu enimfunayo.” Wabayisa eSamariya.

20. Kwathi sebefike eSamariya, u-Elisha wathi: “Jehova, vula amehlo alaba bantu ukuba babone.” UJehova wavula amehlo abo, babona; bheka, base bephakathi kweSamariya.

21. Inkosi yakwa-Israyeli yathi ku-Elisha, isibabonile: “Baba, ngibabulale na? Ngibabulale na?”

22. Kepha wathi: “Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.”

2 Amakhosi 6