2 Amakhosi 6:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Amadodana abaprofethi athi ku-Elisha: “Bheka, indawo esihlezi kuyo phambi kwakho, siminyene kuyo.

2. Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye, senzele khona indawo esingahlala kuyo.”Wathi: “Hambani.”

3. Kepha omunye wathi: “Vuma uhambe nezinceku zakho.”Wathi: “Ngiyakuhamba.”

4. Wayesehamba nabo. Sebefike eJordani bagawula imithi.

5. Kwathi lapho omunye esegawula umshayo, insimbi yawela emanzini; wakhala wathi: “Maye, nkosi! Ibitshelekiwe!”

6. Wathi lowo muntu kaNkulunkulu: “Iwelephi na?” Wamkhombisa indawo. Wayesenquma uthi, waluphonsa khona, insimbi yantanta.

2 Amakhosi 6