2 Amakhosi 5:9-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.

10. U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.”

11. Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.

12. O-Abana noFariphari, imifula yaseDamaseku, abangcono kunawo onke amanzi akwa-Israyeli na? Ngingegeze kuyo yini, ngihlambuluke, na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.

13. Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga na? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke,’ na?”

14. Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.

15. Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”

16. Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova engimi phambi kwakhe, angiyikwamukela lutho.” Wamncengisisa ukuba asamukele, wenqaba kodwa.

17. Wayesethi uNahamani: “Uma kunjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi* emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayikunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kuJehova kuphela.

18. Kule nto uJehova makayithethelele inceku yakho: ekungeneni kwenkosi yami endlini kaRimoni ukukhuleka khona, isencika esandleni sami, ngiguqe nami endlini kaRimoni, lapho ngiguqa endlini kaRimoni, uJehova makayithethelele inceku yakho le nto.”

2 Amakhosi 5