2 Amakhosi 5:3-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.”

4. Yangena, yatshela inkosi yayo, yathi: “Intombazana yasezweni lakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.”

5. Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wasuka, wahamba namatalenta* ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela.

6. Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: “Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile uNahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.”

7. Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”

8. Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.”

9. Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.

10. U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.”

11. Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.

12. O-Abana noFariphari, imifula yaseDamaseku, abangcono kunawo onke amanzi akwa-Israyeli na? Ngingegeze kuyo yini, ngihlambuluke, na?” Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.

13. Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: “Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu, ngabe ungayenzanga na? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: ‘Geza, uhlambuluke,’ na?”

14. Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.

2 Amakhosi 5