15. Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu, yena nabantu bakhe bonke, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.”
16. Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova engimi phambi kwakhe, angiyikwamukela lutho.” Wamncengisisa ukuba asamukele, wenqaba kodwa.
17. Wayesethi uNahamani: “Uma kunjalo, inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi* emibili womhlabathi, ngokuba inceku yakho ayisayikunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu, kuJehova kuphela.
18. Kule nto uJehova makayithethelele inceku yakho: ekungeneni kwenkosi yami endlini kaRimoni ukukhuleka khona, isencika esandleni sami, ngiguqe nami endlini kaRimoni, lapho ngiguqa endlini kaRimoni, uJehova makayithethelele inceku yakho le nto.”
19. Wathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Wahamba, wasuka kuye ibangana.
20. Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase-Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.”
21. UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe, wehlika enqoleni ukumhlangabeza, wathi: “Nisahlezi kahle na?”
22. Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile ngokuthi: ‘Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta* lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”
23. UNahamani wathi: “Vuma, wamukele amatalenta* amabili.” Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esiliva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe.
24. Esefike egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wavumela abantu ukuba bahambe; basuka.
25. Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: “Uvelaphi, Gehazi?”Wathi: “Inceku yakho ayiyanga ndawo.”
26. Wayesethi: “Ayiyanga yini inhliziyo yami, lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?