2 Amakhosi 5:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.

2. Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo, abuya ezweni lakwa-Israyeli enentombazana encane; yayiyincekukazi yomkaNahamani.

3. Yathi enkosikazini yayo: “Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.”

4. Yangena, yatshela inkosi yayo, yathi: “Intombazana yasezweni lakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.”

5. Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Yiya khona; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wasuka, wahamba namatalenta* ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide, nezingubo eziyishumi zokuphendulela.

6. Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: “Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile uNahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.”

7. Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lwakhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.”

8. Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: “Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.”

9. Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe, wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.

10. U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi: “Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.”

2 Amakhosi 5