2 Amakhosi 4:43-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

43. Kepha isikhonzi sakhe sathi: “Uthini? Ngibeke lokhu phambi kwabantu abayikhulu na?”Wathi: “Banike ukuba badle, ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bayakudla, kusale.’ ”

44. Sase sikubeka phambi kwabo; badla, kwasala njengezwi likaJehova.

2 Amakhosi 4