2 Amakhosi 4:24-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Wayesebophela imbongolo, wathi encekwini yakhe: “Qhuba, uhambe njalo, ungangimisi ekuhambeni, uma ngingakutsheli.”

25. Wayesehamba-ke, wafika kulowo muntu kaNkulunkulu entabeni yaseKarmeli. Kwathi lapho lowo muntu kaNkulunkulu embona esekude, wathi kuGehazi inceku yakhe: “Bheka, nanguya umShunemikazi;

26. ake ugijime, umhlangabeze, uthi kuye: ‘Usahlezi kahle na? Indoda yakho isahlezi kahle na? Umntanakho usahlezi kahle na?’ ”Wathi: “Sisahlezi kahle.”

27. Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wabamba izinyawo zakhe. UGehazi wasondela ukuba amxoshe, kepha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.”

28. Wayesethi: “Ngake ngacela yini indodana enkosini yami na? Angishongo yini ukuthi: ‘Ungangikhohlisi,’ na?”

29. Wayesethi kuGehazi: “Bhinca izikhali zakho, uthathe udondolo lwami ngesandla sakho, uhambe; uma uhlangana nomuntu, ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela, ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.”

30. Unina womntwana wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, angiyikukushiya.” Wayesesuka wamlandela.

31. UGehazi wadlulela ngaphambi kwabo, walubeka udondolo ebusweni bomntwana; akwabakho zwi nakunaka. Ngalokho wabuya ukumhlangabeza, wamtshela ukuthi: “Umntwana akavukanga.”

32. U-Elisha esengene endlini, bheka, umntwana wayefile elele embhedeni wakhe.

33. Wangena, wabavalela bobabili isivalo, wakhuleka kuJehova.

2 Amakhosi 4