2 Amakhosi 4:18-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Kwathi umfana esekhulile, waphuma ngelinye ilanga, waya kuyise kubavuni.

19. Wathi kuyise: “Ngafa ikhanda! Ngafa ikhanda!”Wayesethi encekwini yakhe: “Myise kunina.”

20. Yamthatha, yamyisa kunina; wahlala emathangeni akhe kwaze kwaba semini, wafa.

21. Wakhuphuka, wambeka embhedeni womuntu kaNkulunkulu, wamvalela, waphuma.

22. Wabiza indoda yakhe, wathi: “Ake ungithumele enye yezinceku nenye yezimbongolo ukuba ngigijimele kulowo muntu kaNkulunkulu, bese ngibuya.”

2 Amakhosi 4