2 Amakhosi 3:16-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Yenza lo mfula ube nemigodi ngemigodi.’

17. Ngokuba uJehova usho kanje, uthi: ‘Aniyikubona umoya, aniyikubona imvula, kepha lo mfula uyakugcwala amanzi; niyakuphuza nina, nezinkomo zenu, nezinye izilwane zenu.’

18. Lokhu kulula emehlweni kaJehova; uyakunikela abakwaMowabi esandleni senu.

19. Niyakuchitha yonke imizi ebiyelweyo nayo yonke imizi ekhethekileyo; niyakuwisa yonke imithi emihle, nivimbe yonke imithombo yamanzi, none zonke iziqephu zomhlaba ngamatshe.”

20. Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu, bheka, kwafika amanzi ngasendleleni yakwa-Edomi, izwe lagcwala amanzi.

21. Sebezwile bonke abakwaMowabi ukuthi amakhosi enyukile ukulwa nabo, babuthana bonke abaqale ukubhinca izikhali kuya phezulu, bema emkhawulweni.

2 Amakhosi 3