2 Amakhosi 3:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehoramu indodana ka-Ahabi waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka eyishumi nambili.

2. Wenza okubi emehlweni kaJehova kepha kungenjengoyise nonina, ngokuba wasusa insika kaBali abeyenzile uyise.

3. Nokho wanamathela ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo.

4. UMesha inkosi yakwaMowabi owayefuyile kakhulu izimvu wathela enkosini yakwa-Israyeli uboya bamawundlu ayizinkulungwane eziyikhulu nobezinqama eziyizinkulungwane eziyikhulu.

5. Kwathi lapho esefile u-Ahabi, inkosi yakwaMowabi yahlubuka inkosi yakwa-Israyeli.

6. Inkosi uJehoramu yaphuma eSamariya ngaleso sikhathi, yabala wonke u-Israyeli.

7. Yaya yathumela kuJehoshafati inkosi yakwaJuda, yathi: “Inkosi yakwaMowabi ingihlubukile; ungahamba nami, silwe noMowabi, na?”Wathi: “Ngiyakwenyuka, mina njengawe, abantu bami njengabantu bakho, amahhashi ami njengamahhashi akho.”

8. Wathi futhi: “Siyakwenyuka ngayiphi indlela na?”Yathi: “Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi.”

9. Yayisihamba inkosi yakwa-Israyeli, nenkosi yakwaJuda, nenkosi yakwa-Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.

10. Yayisithi inkosi yakwa-Israyeli: “Maye, ngokuba uJehova ubuthile lawa makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi!”

2 Amakhosi 3