16. Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa.
17. Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezintathu; kwakukhona nenetha namapomegranati* phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.
18. Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu, noZefaniya umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu;
19. yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisihlanu kwababesebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini.