2 Amakhosi 23:35-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro. Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide, kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.

36. UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.

37. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.

2 Amakhosi 23