24. Futhi abanamadlozi, nabathakathi, namatherafi,* nezithombe, nazo zonke izinengiso ezazibonwa ezweni lakwaJuda naseJerusalema uJosiya wakuqeda ukuba afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya umpristi ayifumanayo endlini kaJehova.
25. Kwakungekho nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.
26. Nokho uJehova akabuyanga ekuvutheni kwentukuthelo yakhe enkulu, intukuthelo yakhe eyavuthela ngakho uJuda, ngenxa yakho konke ukucunula uManase ayemcunule ngakho.
27. UJehova wathi: “Naye uJuda ngiyakumsusa ebusweni bami, njengalokho ngisuse u-Israyeli, ngiwulahle lo muzi engawukhethayo, nendlu engasho ngayo ukuthi igama lami liyakuba khona lapho.”
28. Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
29. Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.
30. Izinceku zayo zayisusa ngenqola eMegido ifile, zayiyisa eJerusalema, zayimbela ethumeni layo. Abantu bezwe bamthatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.
31. UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.
32. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.
33. UFaro Nekho wambopha eRibila ezweni laseHamati ukuba angabe esabusa eJerusalema, wathelisa izwe amatalenta* ayikhulu esiliva netalenta legolide.
34. UFaro Nekho wambeka u-Eliyakimi indodana kaJosiya inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi, kepha wamsusa uJehowahazi, waze waya eGibithe, wafela khona.
35. UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro. Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide, kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.
36. UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.
37. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.