20. Wabulala ema-altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababe lapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.
21. Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi: “Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.”
22. Ngokuba iphasika elinjalo lalingagcinwanga kusukela emihleni yabahluleli abahlulela u-Israyeli, nasemihleni yonke yamakhosi akwa-Israyeli, nakweyakwaJuda.
23. Kepha ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya leli phasika lenzelwa uJehova eJerusalema.
24. Futhi abanamadlozi, nabathakathi, namatherafi,* nezithombe, nazo zonke izinengiso ezazibonwa ezweni lakwaJuda naseJerusalema uJosiya wakuqeda ukuba afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya umpristi ayifumanayo endlini kaJehova.
25. Kwakungekho nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.
26. Nokho uJehova akabuyanga ekuvutheni kwentukuthelo yakhe enkulu, intukuthelo yakhe eyavuthela ngakho uJuda, ngenxa yakho konke ukucunula uManase ayemcunule ngakho.
27. UJehova wathi: “Naye uJuda ngiyakumsusa ebusweni bami, njengalokho ngisuse u-Israyeli, ngiwulahle lo muzi engawukhethayo, nendlu engasho ngayo ukuthi igama lami liyakuba khona lapho.”
28. Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
29. Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje.
30. Izinceku zayo zayisusa ngenqola eMegido ifile, zayiyisa eJerusalema, zayimbela ethumeni layo. Abantu bezwe bamthatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.
31. UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.
32. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.