2 Amakhosi 23:13-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezakhele u-Ashitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.

14. Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera,* yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.

15. I-altare elaliseBethele, nendawo ephakemeyo eyenziwe nguJerobowamu indodana kaNebati owonisa u-Israyeli, nalelo altare kanye nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayicolisisa yaba yincushuncushu, yashisa no-Ashera.*

16. UJosiya waphenduka, wabona amathuna ayelapho entabeni; wathumela wakhipha amathambo emathuneni, wawashisa e-altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owamemezela lezi zinto.

17. Wayesethi: “Yitshe lini leli engilibonayo na?”Abantu bomuzi bamtshela bathi: “Yithuna lalowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wamemezela lezi zindaba osuzenzile nge-altare laseBethele.”

18. Wathi: “Myekeni; mawanganyakaziswa muntu amathambo akhe.” Base beyeka amathambo akhe kanye namathambo alowo mprofethi owavela eSamariya.

19. Nazo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezazisemizini yaseSamariya, ezenziwa ngamakhosi akwa-Israyeli acunula ngazo, uJosiya wazisusa, wenza kuzona njengazo zonke izenzo azenzileyo eBethele.

20. Wabulala ema-altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababe lapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.

2 Amakhosi 23