1. Inkosi yathumela, babuthela kuyo onke amalunga akwaJuda nawaseJerusalema.
2. Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova.
3. Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.
4. Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu, nabapristi besigaba sesibili, nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonke izinto ezazenzelwe oBali, no-Ashera,* nebandla lonke lasezulwini, yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni, yayisa umlotha wazo eBethele.
5. Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini.
6. Yakhipha u-Ashera* endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamcolisisa waba yincushuncushu, yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.