2 Amakhosi 22:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.”

8. UHilikiya, umpristi omkhulu, wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wanika uShafani leyo ncwadi, wayifunda.

9. UShafani umbhali waya enkosini, waletha umbiko enkosini, wathi: “Izinceku zakho zithululile imali eyafunyanwa endlini, zayibeka esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova.”

10. UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi.” UShafani wayifunda phambi kwenkosi.

2 Amakhosi 22