2 Amakhosi 21:19-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema; igama likanina lalinguMeshulemeti, indodakazi kaHarusi waseJothiba.

20. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise.

21. Wahamba ngezindlela zonke uyise ahamba ngazo, wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo;

22. washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise, kahambanga ngendlela kaJehova.

23. Izinceku zika-Amoni zamenzela ugobe, zayibulala inkosi endlini yayo.

24. Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzela inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.

25. Ezinye izindaba zika-Amoni azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

26. Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 Amakhosi 21