2 Amakhosi 21:18-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, insimu ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

19. U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema; igama likanina lalinguMeshulemeti, indodakazi kaHarusi waseJothiba.

20. Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise.

2 Amakhosi 21