Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.